Zithokozise ngendaba ejulile, le ndatshana ithinta kakhulu udlame olubhekiswe kwabesifazane okuyisihlava esihlasele emhlabeni wonke jikelele. Yize indaba yakhelwe phezu kwengqikithi ebucayi, kodwa umbhali wenze isiqiniseko sokuthi uhlobo lwamagama awasebenzisayo akwenza uyithakasele indaba uphinde uzizwe uyingxenye yayo. Yebo ziningi izindaba nezindatshana zesiZulu ezakhelwe phezu kwale ngqikithi ezimnandi, kodwa le yehluke ngokujula kolimu. Ngokufunda le ndaba emangalisayo uzobe ushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ngaphezu kokuyithakasela uzophinde uzwe ukunotha kolimi lwesiZulu okuyilo olundandisa indaba, nokuyinto ezokubeka ethubeni lokuzihlomisa ngezisho kanye nezaga ezimnandi.
Dieser Download kann aus rechtlichen Gründen nur mit Rechnungsadresse in A, B, CY, CZ, D, DK, EW, E, FIN, F, GR, H, IRL, I, LT, L, LR, M, NL, PL, P, R, S, SLO, SK ausgeliefert werden.