akazi ukuthi untshontsha nje, kunamehlo ambonayo. Lokhu kwenza ukuba
asebenze kanzima ukuze angacetshwa kubaphathi ngalemali. Kuhamba
ugcina esekhathele wukuba yisigqila. Lokhu kwenza athathe isinqumo
esinzima kakhulu.
-UThokozile usenkantolo uzovulela uyise womtanakhe icala lokungondli.
Ngenhlanhla uyaliwina icala. Nokho izinto ezenzeka emva kwalokho
zimenza azisole ukuthi wayeyaphi enkantolo.
-UNomvelo, intokazi enhle, esencane futhi esafunda nesikole, izithola
isobishini ngokukhuleliswa wubaba omdala, oshadile futhi onebhizinisi
lamatekisi. Lento yalesisisu ithinta inqwaba yabantu, nokwenza abanye
bagcine sebelahlekelwe nayimiphefumulo.
Kuningi kakhulu okuzokushiya ubambe ongezansi ngaleliqoqo
lezindaba ezimfishane ezibhalwe nguMlondi Nhlangulela. Kukhona
okukhulu ukuvuthwa nokuhleleka kolimi kulencwadi, nokwenza
kungavumi uyibeke phansi uma usuyiqalile. Lapha uMlondi ubheka
ubunjalo bempilo, okufaka phakathi ukungqubuzana kwemibono,
yingxabano, uthando, amagqubu, ubumpofu, uqhekeko nokunye
okuningi. Izindaba ezikulencwadi zizokufundisa okuningi ngoba
zixhumana nempilo yakho nanoma ngayiphi indlela. Hlala phansi
ufunde lapha, kuningi okuzokuthokozisa.
Mlondi Nhlangulela.
Dieser Download kann aus rechtlichen Gründen nur mit Rechnungsadresse in A, B, BG, CY, CZ, D, DK, EW, E, FIN, F, GR, H, IRL, I, LT, L, LR, M, NL, PL, P, R, S, SLO, SK ausgeliefert werden.








